Page 5 - Jill ist anders - zulu
P. 5

Emuva kokuzalwa kwengane akubi lula ukuphendula umbuzo ngobulili
            bokuzalwa bayo. Uma ingane inezakhi zezobulili ezicace ngokusobala ukuthi
            ingowesilisa noma owesifazane, umbelethisi uthi, "Umfana." noma "Intombazane".
            Kodwa uma izakhi zezobulili zingabonakali ngokusobala ngokuthi ngowesilisa
            noma owesifazane, ingane nakanjani isuka inobulili obuxubile.

            Odokotela bakhuluma ngokwahlukahlukana kokwakheka kobulili.
            EGermany abazali bakwazi ukuthatha isinqumo sokuthi ingane ibhaliswe
            EGermany abazali bakwazi ukuthatha isinqumo sokuthi ingane ibhaliswe
            ngokuthi ingowesilisa, owesifazane noma ixubile kurejista yokuzalwa kwezingane
            noma kungabhalwa lutho kuleso sikhala.

            Izingane ezinobulili obuxubile zivame ukuba nempilo ngokufanele futhi zivame
            ukungabi nasidingo sokwelashwa. Kodwa abazali bavame ukungabi nasiqiniseko
            ngegama okumele balinike ingane, lokho okumele bakutshele abangani nezihlobo
            kanye nendlela okumele bakhulise ingane ngayo.

            Uma unengane engeyakho noma unakekela ingane enobulili obuxubile sicela
            Uma unengane engeyakho noma unakekela ingane enobulili obuxubile sicela
            uzizwe ukhululekile ukusithinta ukuze ubuze yonke imibuzo ongaba nayo.


            Ukuze uthole olunye ulwazi noma ukuthinta nathi ngqo sicela usebenzise
            amawebhusayithi alandelayo, lapho ungathola olunye ulwazi, izinsiza kanye
            nezinkomba zemibhalo ekhuluma ngaleso sihloko.


            www.alles-divers.de
            www.im-ev.de

            Isikhungo sezokweluleka Kuzwelonke seFederal Association of Intersex People e.V.
            Isikhungo sezokweluleka Kuzwelonke seFederal Association of Intersex People e.V.
            (Intergeschlechtliche Menschen e.V.)

            I-imeyli: beratung@im-ev.de
            Ucingo +49 160 95731572
   1   2   3   4   5   6   7   8   9   10